25/02/2025
Sifike kanjani lapha ✍️🙏
Isiqephu sesibili✍️
Sise sigodini sakwa gelekejana ngaphansi komuthi omkhulu maduzane nomfula nokuyilapho umphakathi ubambela khona imihlangano kwazise awunalo ihholo. Isabatha emini bebade bendlula izithunzi zabo kuyilo isabatha baphume ngezinkani abantu bakwa Gelekejana ungafunga ukuthi emakhaya kusele izinja namakati kuphela.
Baphelele lapha nje baze emhlanganweni ababewucelile obandakanya ikhansela kanye ne Meya ukuzokwethula izikhalo zabo. Selishaye lagamanxa ihora leshumi nambili, sekuze kwandlula ngemizuzu engamashumi amathathu (30 minutes) ngeskhathi sokuqala komhlangana ...kodwa lutho, umhlangano ubanjezelwe abaholi abanga bonwa nangalukhalo.
(Umphakathi usuyaxokozela babodwa abathi ayikho lento abanye bakhala ngeskhathi esizobashaya emcimbini eyahlukene)
Kusukume impunga esiqinile nje eyinduna yalesi sgodi u Khumalo.
,"Shwele sizwe senkosi ngicela kesehlisene imimoya sisondele eduze ukuze uqale umhlangano nasi ngeskhathi sethu sidliwa yincanga, sondelani ndlu yakwethu sihlangana kuze sizosheshe sehlukane.
Nebala usondele umphakathi uhlale phansi uzothe ulalele ukuthi uMntungwa uthini.
Uyaqhubeka u Khumalo" ngale kokuchicha iskhathi sizwe senkosi sengithathe isinqumo sokuthi ngiwuqale lomhlangano ngoba ngibona iskhathi sibaleka kodwa ababonwa nangalukhalo ukhansela wethu no Meya, ithemba alibulali, nam..hla simuvotela ukhansela sasithi thokole themba amathunzi ayewukela....kukaningi ehlezi esithembisa kodwa izethembiso zakhe ziphelele emoyeni , kamuva nje akasafiki emhlanganweni...angazi" ubesaqhubeka ngeskhathi kungena ucingo elubuke ebheke umphakathi ecele uxolo elubambe.
Ubonakala echiza izandla u Mntungwa emuva kokuvala ucingo, aqhubeke nenkulumo" bantwana benkosi ayikho lenkukhu awachithwe lamanzi, lona Ukhansela wethu ubacele ukuxolisa uthi ngeke besaphumelela kukhona lapho bephuthuma khona"
Uxokozele umphakathi abanye Baya hhumuzela sebegane unwabu
"Kahleni sizwe senkosi asiqedele ebese sikuqalile nanti nelenga alilindile thina, okwamanje bengizocela imibono yenu kuphela ebhala unobhala bese sihlukana"
Kuphakamise elinye ilungu lomphakathi, alikhombe u Khumalo
"Asizwe Mtwana wenkosi"
"Yabona nduna yami nani Mphakathi wakithi mina bese ngibona kuyisikhathi sokuthi sihlanganise amasenti siqonde emahhovisi kanduna nkulu siyo hambisa izikhalo zethu ngekhansela kanye naye u meya Lo"
Umphakathi ukhombisa ukumeseka kulombono. basina bayadedelana ngemibona abanye bayagonyuluka.....
Ngibambe kwesilandelayo. SIFIKE KANJANI LAPHA ✍️🙏